Amahubo 105:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bongani uJehova, nibize igama lakhe,nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.

2. Hlabelelani kuye, nimhubele,nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.

3. Zibongeni egameni lakhe elingcwele;mazithokoze izinhliziyo zabamfunayo uJehova.

4. Funani uJehova namandla akhe,nifunisise ubuso bakhe njalo.

5. Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,nezibonakaliso zakhe,nezahlulelo zomlomo wakhe,

6. nina nzalo ka-Abrahama inceku yakhe,nina bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.

7. Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.

8. Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube phakade,izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,

9. avumelana kuso no-Abrahama,nesifungo sakhe ku-Isaka;

10. wasiqinisa kuJakobe,saba ngumthetho,naku-Israyeli, saba yisivumelwano esiphakade,

11. ethi: “Ngizakukunika izwe laseKhananilibe yisabelo sefa lakho,”

12. lapho babe yingcosana ngomumo,yebo, lapho babe yingcosana,futhi babe yizihambi kulo.

13. Bazulazula ezizweni ngezizwe,besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.

Amahubo 105