Amahubo 104:7-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngokukhuza kwakho abaleka,ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.

8. Enyuka izintaba, ehla izigodi,aze afika endaweni owawuyimisele wona.

9. Umisile umncele ukuba angaweqi,angabuyi ukusibekela umhlaba.

10. Uthumela imithombo ezigodini;yona igijima phakathi kwezintaba.

11. Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle,izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.

12. Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo,zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.

13. Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe;umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.

14. Uhlumisela izinkomo utshaninemifino yokusiza umuntu,ukuze aveze ukudla emhlabeni,

15. newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu,namafutha okukhazimulisa ubuso,nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.

16. Iyasutha imithi kaJehova,imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo,

17. okwakhele kuyo izinyoni;ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.*

18. Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle;amawa ayisiphephelo sezimbila.

19. Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi;ilanga liyazi ukushona kwalo.

20. Wenza ubumnyama kube ngubusuku;phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.

Amahubo 104