Amahubo 104:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Wawumboza ngolwandle njengengubo;amanzi ema phezu kwezintaba.

7. Ngokukhuza kwakho abaleka,ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.

8. Enyuka izintaba, ehla izigodi,aze afika endaweni owawuyimisele wona.

9. Umisile umncele ukuba angaweqi,angabuyi ukusibekela umhlaba.

10. Uthumela imithombo ezigodini;yona igijima phakathi kwezintaba.

11. Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle,izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.

12. Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo,zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.

Amahubo 104