Amahubo 104:5-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo,ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.

6. Wawumboza ngolwandle njengengubo;amanzi ema phezu kwezintaba.

7. Ngokukhuza kwakho abaleka,ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.

8. Enyuka izintaba, ehla izigodi,aze afika endaweni owawuyimisele wona.

Amahubo 104