Amahubo 104:31-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

31. Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade;uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,

32. yena obheka umhlaba, besewuthuthumela,othinta izintaba, zithunqe.

33. Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.

34. Ukuzindla kwami makube mnandi kuye;mina mangithokoze kuJehova.

35. Izoni maziphele emhlabeni,kungabe kusaba khona ababi.Mbonge uJehova, mphefumulo wami.Haleluya!

Amahubo 104