29. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke;uyasusa umphefumulo wazo, zife,zibuyele othulini lwazo.
30. Uyathumela umoya wakho, zidalwe;wenza bube busha ubuso bomhlaba.
31. Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade;uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,
32. yena obheka umhlaba, besewuthuthumela,othinta izintaba, zithunqe.
33. Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.
34. Ukuzindla kwami makube mnandi kuye;mina mangithokoze kuJehova.
35. Izoni maziphele emhlabeni,kungabe kusaba khona ababi.Mbonge uJehova, mphefumulo wami.Haleluya!