Amahubo 104:27-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Zonke lezi zidalwa zibheka wena,ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso.

28. Uyazinika ukudla, zibuthe;uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.

29. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke;uyasusa umphefumulo wazo, zife,zibuyele othulini lwazo.

30. Uyathumela umoya wakho, zidalwe;wenza bube busha ubuso bomhlaba.

31. Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade;uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,

32. yena obheka umhlaba, besewuthuthumela,othinta izintaba, zithunqe.

33. Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.

34. Ukuzindla kwami makube mnandi kuye;mina mangithokoze kuJehova.

35. Izoni maziphele emhlabeni,kungabe kusaba khona ababi.Mbonge uJehova, mphefumulo wami.Haleluya!

Amahubo 104