Amahubo 104:21-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Izingonyama ezintsha zibhongela impango,zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.

22. Liphuma ilanga,bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.

23. Bese kuphuma umuntu,aye emsebenzini wakhenasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.

24. Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho;yonke uyenzile ngokuhlakanipha;umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

25. Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi;lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa,izilwane ezincane nezinkulu.

26. Kuhamba khona imikhumbi,uLeviyathani* lowo omenzile ukuba adlale kulo.

27. Zonke lezi zidalwa zibheka wena,ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso.

28. Uyazinika ukudla, zibuthe;uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.

29. Uyasitheza ubuso bakho, zethuke;uyasusa umphefumulo wazo, zife,zibuyele othulini lwazo.

30. Uyathumela umoya wakho, zidalwe;wenza bube busha ubuso bomhlaba.

31. Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade;uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,

32. yena obheka umhlaba, besewuthuthumela,othinta izintaba, zithunqe.

33. Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.

34. Ukuzindla kwami makube mnandi kuye;mina mangithokoze kuJehova.

35. Izoni maziphele emhlabeni,kungabe kusaba khona ababi.Mbonge uJehova, mphefumulo wami.Haleluya!

Amahubo 104