Amahubo 104:15-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu,namafutha okukhazimulisa ubuso,nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.

16. Iyasutha imithi kaJehova,imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo,

17. okwakhele kuyo izinyoni;ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.*

18. Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle;amawa ayisiphephelo sezimbila.

19. Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi;ilanga liyazi ukushona kwalo.

20. Wenza ubumnyama kube ngubusuku;phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.

21. Izingonyama ezintsha zibhongela impango,zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.

22. Liphuma ilanga,bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.

23. Bese kuphuma umuntu,aye emsebenzini wakhenasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.

24. Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho;yonke uyenzile ngokuhlakanipha;umhlaba ugcwele izidalwa zakho.

25. Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi;lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa,izilwane ezincane nezinkulu.

Amahubo 104