13. Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe;umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
14. Uhlumisela izinkomo utshaninemifino yokusiza umuntu,ukuze aveze ukudla emhlabeni,
15. newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu,namafutha okukhazimulisa ubuso,nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
16. Iyasutha imithi kaJehova,imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo,
17. okwakhele kuyo izinyoni;ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.*
18. Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle;amawa ayisiphephelo sezimbila.
19. Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi;ilanga liyazi ukushona kwalo.
20. Wenza ubumnyama kube ngubusuku;phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.
21. Izingonyama ezintsha zibhongela impango,zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.
22. Liphuma ilanga,bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.