1. Mbonge uJehova, mphefumulo wami;Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu,wembethe udumo nobukhosi;
2. ogqoka ukukhanya njengengubo,oweneka izulu njengendwangu;
3. obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini,owenza amafu abe yinqola yakhe,ohamba ngamaphiko omoya;
4. owenza izingelosi zibe yimimoya,izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
5. Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo,ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.
6. Wawumboza ngolwandle njengengubo;amanzi ema phezu kwezintaba.
7. Ngokukhuza kwakho abaleka,ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
8. Enyuka izintaba, ehla izigodi,aze afika endaweni owawuyimisele wona.
9. Umisile umncele ukuba angaweqi,angabuyi ukusibekela umhlaba.