10. Akasiphathi njengokufanele izono zethu,akasivuzi njengokwamacala ethu.
11. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlabaunjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
12. Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
13. Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.
14. Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;uyakhumbula ukuthi siluthuli.
15. Izinsuku zomuntu zinjengotshani;uyakhahlela njengembali yasendle.
16. Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, bese yinyamalala,nendawo yayo ingabe isayazi.
17. Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade,nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
18. kubo abagcina isivumelwano sakhebekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.
19. UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini;nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.
20. Bongani uJehova nina zingelosi zakhe,nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhenilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.
21. Bongani uJehova nina mabandla onke akhe,nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.
22. Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonkeezindaweni zonke zombuso wakhe.Mbonge uJehova, mphefumulo wami.