Amahubo 103:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Mbonge uJehova, mphefumulo wami;konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.

2. Mbonge uJehova, mphefumulo wami,ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,

3. yena othethelela zonke izono zakho,owelapha zonke izifo zakho;

4. okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni,okuqhelisa ngomusa nangobubele;

5. osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle,ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.

6. UJehova ubenzela bonke abacindezelwayoukulunga nokwahlulela.

7. Wamazisa uMose izindlela zakhe,nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.

8. UJehova unobubele nesihawu;wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

9. Akathethi njalonjalo;akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.

10. Akasiphathi njengokufanele izono zethu,akasivuzi njengokwamacala ethu.

11. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlabaunjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

Amahubo 103