1. Mbonge uJehova, mphefumulo wami;konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
2. Mbonge uJehova, mphefumulo wami,ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,
3. yena othethelela zonke izono zakho,owelapha zonke izifo zakho;
4. okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni,okuqhelisa ngomusa nangobubele;
5. osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle,ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.
6. UJehova ubenzela bonke abacindezelwayoukulunga nokwahlulela.
7. Wamazisa uMose izindlela zakhe,nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.
8. UJehova unobubele nesihawu;wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
9. Akathethi njalonjalo;akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.
10. Akasiphathi njengokufanele izono zethu,akasivuzi njengokwamacala ethu.
11. Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlabaunjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.