8. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke;abahlanya ngami bayangiqalekisa.
9. Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa,nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.
10. Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.
11. Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo;mina uqobo ngiyabuna njengotshani.
12. Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade,nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
13. Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni;sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa,yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.
14. Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo,zihawukele uthuli lwalo.