Amahubo 102:6-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngiyafana nevuba ehlane,nginjengesikhova kwahlongasibi.

7. Ngiyaqwasha,nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.

8. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke;abahlanya ngami bayangiqalekisa.

9. Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa,nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.

10. Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.

11. Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo;mina uqobo ngiyabuna njengotshani.

12. Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade,nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

13. Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni;sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa,yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.

14. Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo,zihawukele uthuli lwalo.

15. Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova,amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.

16. Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni,ubonakele enkazimulweni yakhe;

17. wanaka umkhuleko wabangenalutho,engawudeleli umthandazo wabo.

18. Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo;abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.

19. Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele,wabuka umhlaba esezulwini

20. ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa,akhulule abantwana bokufa,

Amahubo 102