Amahubo 102:6-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngiyafana nevuba ehlane,nginjengesikhova kwahlongasibi.

7. Ngiyaqwasha,nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.

8. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke;abahlanya ngami bayangiqalekisa.

9. Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa,nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.

10. Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.

11. Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo;mina uqobo ngiyabuna njengotshani.

12. Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade,nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Amahubo 102