Amahubo 102:3-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi;amathambo ashile njengezinkuni.

4. Inhliziyo yami ishayiwe,ibunile njengotshani,ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.

5. Ngenxa yezwi lokububula kwamiamathambo ami anamathele enyameni yami.

6. Ngiyafana nevuba ehlane,nginjengesikhova kwahlongasibi.

7. Ngiyaqwasha,nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.

8. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke;abahlanya ngami bayangiqalekisa.

9. Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa,nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.

10. Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.

11. Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo;mina uqobo ngiyabuna njengotshani.

12. Kepha wena Jehova uyakuhlala kuze kube phakade,nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

13. Uyakuvuka, uhawukele iSiyoni;sekuyisikhathi sokuliphatha ngomusa,yebo, isikhathi esimisiweyo sesifikile.

14. Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo,zihawukele uthuli lwalo.

15. Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova,amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.

Amahubo 102