24. Ngithi: “Nkulunkulu wami,ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami;iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane.
25. Endulo wawusekela umhlaba,izulu lingumsebenzi wezandla zakho.
26. Kuyakubhubha lokhu,kepha uyakuma;yebo, kuyakuguga konke njengengubo;njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.
27. Kepha unguwe njalo,iminyaka yakho ayiyikuphela.
28. Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala;inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”