Amahubo 102:24-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Ngithi: “Nkulunkulu wami,ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami;iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane.

25. Endulo wawusekela umhlaba,izulu lingumsebenzi wezandla zakho.

26. Kuyakubhubha lokhu,kepha uyakuma;yebo, kuyakuguga konke njengengubo;njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.

27. Kepha unguwe njalo,iminyaka yakho ayiyikuphela.

28. Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala;inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”

Amahubo 102