16. Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni,ubonakele enkazimulweni yakhe;
17. wanaka umkhuleko wabangenalutho,engawudeleli umthandazo wabo.
18. Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo;abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.
19. Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele,wabuka umhlaba esezulwini
20. ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa,akhulule abantwana bokufa,
21. ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehovanodumo lwakhe eJerusalema,
22. nxa izizwe zibuthana ndawonyekanye nemibuso ukumkhonza uJehova.
23. Wanciphisa amandla ami endleleni,wafinyeza izinsuku zami.
24. Ngithi: “Nkulunkulu wami,ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami;iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane.
25. Endulo wawusekela umhlaba,izulu lingumsebenzi wezandla zakho.
26. Kuyakubhubha lokhu,kepha uyakuma;yebo, kuyakuguga konke njengengubo;njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.
27. Kepha unguwe njalo,iminyaka yakho ayiyikuphela.
28. Abantwana bezinceku zakho bayakuhlala;inzalo yabo iyakuma phambi kwakho.”