16. Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni,ubonakele enkazimulweni yakhe;
17. wanaka umkhuleko wabangenalutho,engawudeleli umthandazo wabo.
18. Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo;abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.
19. Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele,wabuka umhlaba esezulwini
20. ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa,akhulule abantwana bokufa,
21. ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehovanodumo lwakhe eJerusalema,