Amahubo 102:16-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

16. Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni,ubonakele enkazimulweni yakhe;

17. wanaka umkhuleko wabangenalutho,engawudeleli umthandazo wabo.

18. Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo;abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.

19. Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele,wabuka umhlaba esezulwini

20. ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa,akhulule abantwana bokufa,

21. ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehovanodumo lwakhe eJerusalema,

Amahubo 102