Amahubo 102:14-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo,zihawukele uthuli lwalo.

15. Khona abezizwe bayakulesaba igama likaJehova,amakhosi onke omhlaba inkazimulo yakho.

16. Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni,ubonakele enkazimulweni yakhe;

17. wanaka umkhuleko wabangenalutho,engawudeleli umthandazo wabo.

18. Lokhu kuyakulotshelwa isizukulwane esizayo;abantu abayakudalwa bayakudumisa uJehova.

19. Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele,wabuka umhlaba esezulwini

20. ukuba ezwe ukububula kwesiboshwa,akhulule abantwana bokufa,

21. ukuze kumenyezelwe eSiyoni igama likaJehovanodumo lwakhe eJerusalema,

22. nxa izizwe zibuthana ndawonyekanye nemibuso ukumkhonza uJehova.

23. Wanciphisa amandla ami endleleni,wafinyeza izinsuku zami.

24. Ngithi: “Nkulunkulu wami,ungangisusi enxenyeni yezinsuku zami;iminyaka yakho isezizukulwaneni ngezizukulwane.

25. Endulo wawusekela umhlaba,izulu lingumsebenzi wezandla zakho.

Amahubo 102