1. Jehova, yizwa umkhuleko wami;ukukhala kwami makufinyelele kuwe.
2. Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami;beka indlebe yakho kimi,ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.
3. Ngokuba izinsuku zami ziphelile njengomusi;amathambo ashile njengezinkuni.
4. Inhliziyo yami ishayiwe,ibunile njengotshani,ngokuba ngiyakhohlwa ukudla isinkwa sami.
5. Ngenxa yezwi lokububula kwamiamathambo ami anamathele enyameni yami.
6. Ngiyafana nevuba ehlane,nginjengesikhova kwahlongasibi.
7. Ngiyaqwasha,nginjengenyoni eyodwa ophahleni lwendlu.
8. Izitha zami ziyangithuka usuku lonke;abahlanya ngami bayangiqalekisa.
9. Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa,nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.
10. Ngenxa yentukuthelo nolaka lwakho ungifukulile, wangilahla.
11. Izinsuku zami zinjengethunzi elandayo;mina uqobo ngiyabuna njengotshani.