Amahubo 101:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela,ngikudumise wena Jehova.

2. Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala.Uyakuza nini kimi na?Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.

3. Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi;ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda;akuyikunamathela kimi.

4. Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi;omubi angiyikumazi.

5. Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda;onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.

6. Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlabaukuba bahlale nami;ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.

7. Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami;okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.

8. Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba,ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.

Amahubo 101