1. Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela,ngikudumise wena Jehova.
2. Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala.Uyakuza nini kimi na?Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
3. Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi;ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda;akuyikunamathela kimi.
4. Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi;omubi angiyikumazi.
5. Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda;onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.