Amahubo 10:15-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Yaphula ingalo yomubi;buphenyisise ububi besoni,ukuze ungabe usabufumana.

16. UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade;abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.

17. Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene;uyaqinisa inhliziyo yabo,indlebe yakho uyibeka kubo

18. ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo,ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.

Amahubo 10