12. Vuka, Jehova!Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,ungakhohlwa abahluphekileyo.
13. Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu,athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na?
14. Ubonile wena;ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wenaukuze ukubeke esandleni sakho;othithibeleyo uyazinikela kuwe;wena ungumsizi wentandane.
15. Yaphula ingalo yomubi;buphenyisise ububi besoni,ukuze ungabe usabufumana.
16. UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade;abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.
17. Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene;uyaqinisa inhliziyo yabo,indlebe yakho uyibeka kubo
18. ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo,ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.