1. Jehova, umeleni kude na?Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?
2. Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka;mababanjwe ngamacebo abawacebileyo.
3. Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe,nohulazayo uyamvalelisa,amdelele uJehova.
4. Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi:“Akanaki lutho;akakho uNkulunkulu,”injalo imicabango yakhe yonke.
5. Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke;izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe;zonke izitha zakhe uyazidelela.