6. Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.
7. Lapho kubikwa lokho kuJothamu, waya wema esiqongweni sentaba yaseGerizimu, waphakamisa izwi lakhe, wamemeza, wathi kubo: “Ngilaleleni nina bantu baseShekemi ukuba uNkulunkulu anilalele nina.
8. Imithi yake yaya ukuzigcobela inkosi, yathi kuwo umnqumo: ‘Yiba yinkosi yethu.’
9. “Kepha umnqumo wathi kuyo: ‘Ngiyakuwayeka yini amafutha ami abadunyiswa ngawo onkulunkulu nabantu, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?’
10. “Imithi yayisithi kuwo umkhiwane: ‘Woza wena, ube yinkosi yethu.’
11. “Kepha umkhiwane wathi kuyo: ‘Ngiyakubuyeka yini ubumnandi bami nezithelo zami ezinhle, ngiye ngintengantenge phezu kwemithi, na?’