Abahluleli 9:35-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. UGali indodana ka-Ebedi waphuma, wema esikhaleni sesango lomuzi; u-Abimeleki wayeseqhamuka nabantu ababenaye ekuqamekeleni.

36. Lapho uGali ebona abantu, wathi kuZebule: “Bheka, kwehla abantu eziqongweni zezintaba.”UZebule wathi kuye: “Uyabona amathunzi ezintaba kungathi ngabantu.”

37. UGali wabuye wakhuluma, wathi: “Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe, esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki* lokuhlola imihlola.”

38. UZebule wayesethi kuye: “Uphi manje umlomo wakho ukuba uthi: ‘Ngubani u-Abimeleki ukuba simkhonze na?’ Akusibo labo bantu obadeleleyo na? Ake uphume manje, ulwe nabo.”

39. UGali waphuma phambi kwabantu baseShekemi, walwa no-Abimeleki.

40. U-Abimeleki wamxosha, wabaleka phambi kwakhe, kwawa abaningi bekhutshaziwe kwaze kwaba sesikhaleni sesango.

41. U-Abimeleki wahlala e-Aruma; uZebule wamxosha uGali nabafowabo ukuba bangahlali eShekemi.

42. Kwathi ngangomuso abantu baya endle, bamtshela u-Abimeleki.

43. Wathatha abantu, wabahlukanisela izigaba ezintathu, waqamekela endle; wabheka, nampa abantu bephuma emzini; wabavukela, wababulala.

44. U-Abimeleki nezigaba ezazinaye zadumela, zema esikhaleni sesango lomuzi; izigaba zombili zadumela bonke abasendle, zababulala.

45. U-Abimeleki walwa nomuzi lonke lolo suku; wawuthatha umuzi, wabulala abantu ababekuwo, wawubhidliza umuzi, wahlwanyela usawoti kuwo.

46. Lapho bezwa lokho bonke abasembhoshongweni waseShekemi, bangena enqabeni yendlu yase-Eli Beriti.

47. Kwabikwa ku-Abimeleki ukuthi bonke abasembhoshongweni waseShekemi babehlangene ndawonye.

Abahluleli 9