16. “Ngalokho uma nenzile ngeqiniso nangobuqotho lapho nimbeka u-Abimeleki inkosi, uma nimphathile kahle uJerubali* nendlu yakhe, nenza kuye njengokufanele izandla zakhe
17. ngokuba ubaba wanilwela wazidela, wanophula esandleni sabakwaMidiyani;
18. kepha niyivukele namuhla indlu kababa, nibulele amadodana akhe, abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, nimbekile u-Abimeleki indodana yesigqilakazi sakhe inkosi yabaseShekemi ngokuba engumfowenu;
19. uma nimphathile kahle uJerubali* nendlu yakhe namuhla, thokozani ngo-Abimeleki, naye athokoze ngani;
20. kepha uma kungenjalo, makuphume umlilo ku-Abimeleki, uqede abantu baseShekemi neBeti Milo, umlilo uphume nakubantu baseShekemi naseBeti Milo, umqede u-Abimeleki.”
21. UJothamu wayesebaleka, weqa, waya eBeri, wahlala khona ngenxa ka-Abimeleki umfowabo.