1. U-Abimeleki indodana kaJerubali* waya kubafowabo bakanina, wakhuluma kubo nomndeni wonke wendlu kayise kanina, wathi:
2. “Ake nikhulume ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi, nithi: ‘Yikuphi okuhle kini ukuba onke amadodana kaJerubali* angabantu abangamashumi ayisikhombisa anibuse nokuba nibuswe ngumuntu munye na?’ Khumbulani ukuthi mina ngiyithambo lenu nenyama yenu.”
3. Abafowabo bakanina base bekhuluma ngaye ezindlebeni zabo bonke abantu baseShekemi onke lawo mazwi; izinhliziyo zabo zathanda ukumlandela u-Abimeleki, ngokuba bathi: “Ungumfowethu.”
4. Bamnika amashekeli* angamashumi ayisikhombisa esiliva endlini kaBali Beriti, u-Abimeleki aqasha ngawo izidenga namayiyane, bamlandela.
5. Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali,* abantu abangamashumi ayisikhombisa etsheni linye, kepha kwasala uJothamu indodana encinyane kaJerubali, ngokuba wacasha.
6. Bonke abantu baseShekemi bahlangana nabo bonke abaseBeti Milo, baya bambeka u-Abimeleki inkosi ngase-okini* letshe lesikhumbuzo elaliseShekemi.