Abahluleli 8:29-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. UJerubali* indodana kaJowashi waya wahlala endlini yakhe.

30. UGideyoni wayenamadodana angamashumi ayisikhombisa aphuma okhalweni lwakhe, ngokuba wayenabafazi abaningi.

31. Isancinza sakhe esasiseShekemi naso samzalela indodana, sayiqamba igama lokuthi u-Abimeleki.

32. UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.

33. Kwathi esefile uGideyoni, abantwana bakwa-Israyeli babuye baphinga nawoBali, bamenza uBali Beriti unkulunkulu wabo.

34. Abantwana bakwa-Israyeli babengakhumbuli uJehova uNkulunkulu wabo owabophula esandleni sezitha zonke zabo nxazonke.

35. Abenzanga umusa kuyo indlu kaJerubali* onguGideyoni njengakho konke okuhle ayekwenzile ku-Israyeli.

Abahluleli 8