Abahluleli 8:22-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Abantu bakwa-Israyeli bathi kuGideyoni: “Sibuse, wena nendodana yakho, nendodana yendodana yakho futhi, ngokuba usisindisile esandleni sakwaMidiyani.”

23. UGideyoni wathi kubo: “Angiyikunibusa, nendodana yami ayiyikunibusa; nguJehova oyakunibusa.”

24. UGideyoni wathi kubo: “Mangicele okuthile kini ukuba ninginike, kube yilowo nalowo amacici empango yakhe.” Babenamacici egolide, lokhu bebengabakwa-Ishmayeli.

25. Bathi: “Siyakukunika wona impela.” Beneka ingubo, baphonsa khona, kwaba yilowo nalowo amacici empango yakhe.

26. Isisindo samacici egolide awacelayo sasingamashekeli* ayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa egolide, ngaphandle kwezimbedu ezinjengenyanga, neziqhaza, nezingubo ezibubende ezazembethwe ngamakhosi akwaMidiyani, nangaphandle kwamaketanga ayesezintanyeni zamakamela awo.

27. UGideyoni wenza ingubo yamahlombe ngakho, wayibeka emzini wakhe e-Ofira; bonke abakwa-Israyeli baya baphinga nayo khona; yaba lugibe kuGideyoni nendlu yakhe.

28. AbakwaMidiyani bathotshiswa kanjalo phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, ababe besaphakamisa amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane ezinsukwini zikaGideyoni.

29. UJerubali* indodana kaJowashi waya wahlala endlini yakhe.

Abahluleli 8