10. OZeba noSalimuna babeseKarkori, izimpi zabo zinabo kungathi abantu abayizinkulungwane eziyishumi nanhlanu, bonke ababesele empini yonke yabasempumalanga, ngokuba kwakuwile abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abahloma inkemba.
11. UGideyoni wenyuka ngendlela yabahlala ematendeni ngasempumalanga kwaseNoba neJogibeha, wanqoba impi, impi yayithi ilondekile.
12. OZeba noSalimuna babaleka, wabaxosha; wawabamba amakhosi omabili akwaMidiyani, oZeba noSalimuna, wachitha impi yonke.
13. UGideyoni indodana kaJowashi wabuya empini ngasekwenyukeni kweHeresi.
14. Wabamba insizwa yabantu baseSukoti, wabuza kuyo; yona yamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo, abantu abangamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.
15. Wayesefika kubantu baseSukoti, wathi: “Bhekani oZeba noSalimuna enangiswabulela ngabo, nathi: ‘Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe amadoda akho ayethileyo isinkwa na?’ ”
16. Wayesebamba amalunga omuzi, nameva asehlane, namazinyo ezinqola zokubhula, wagalela ngawo abantu baseSukoti.
17. Wawubhidliza umbhoshongo wasePhenuweli, wabulala abantu bomuzi.
18. Wayesesho koZeba noSalimuna, ethi: “Babe njani labo bantu enababulala eThabori na?”Bathi: “Babe njengawe; yilowo nalowo wafana nabantwana benkosi.”
19. Wathi: “Babe ngabafowethu, amadodana kamame. Kuphila kukaJehova, uma benibayekile baphila, bengingayikunibulala.”
20. Wayesethi kuJetheri izibulo lakhe: “Suka ubabulale.” Kepha umfana kahoshanga inkemba yakhe, ngokuba wesaba lokhu engumfana.