Abahluleli 8:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Abantu bakwa-Efrayimi bathi kuye: “Ukwenzeleni lokhu kithina ukuthi awusibizanga lapho uyakulwa nabakwaMidiyani na?” Bamkhankatha kakhulu.

2. Wathi kubo: “Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na? Ukukhothoza kwabakwa-Efrayimi akukuhle yini kunokuvuna umvini kwama-Abiyezeri na?

3. UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani, uma kulinganiswa nokwenu, na?” Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho.

4. UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye, eyethile, esaxosha nokho.

5. Wayesethi kubantu baseSukoti: “Ake niphe abantu abangilandelayo izinkwa, ngokuba bayethile, ngisaxosha oZeba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.”

Abahluleli 8