Abahluleli 8:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Abantu bakwa-Efrayimi bathi kuye: “Ukwenzeleni lokhu kithina ukuthi awusibizanga lapho uyakulwa nabakwaMidiyani na?” Bamkhankatha kakhulu.

2. Wathi kubo: “Ngenzeni mina, uma kulinganiswa nokwenu na? Ukukhothoza kwabakwa-Efrayimi akukuhle yini kunokuvuna umvini kwama-Abiyezeri na?

3. UNkulunkulu unikele esandleni senu izikhulu zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; mina benginamandla okwenzani, uma kulinganiswa nokwenu, na?” Kwase kubohla ukuthukuthela kwabo ngaye, eseshilo lokho.

4. UGideyoni wafika eJordani, wawela, yena namadoda angamakhulu amathathu ayenaye, eyethile, esaxosha nokho.

Abahluleli 8