Abahluleli 6:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli besakhala kuJehova ngenxa yakwaMidiyani,

8. uJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakukhuphula eGibithe, ngakukhipha endlini yobugqila,

9. nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sabo bonke abanicindezelayo, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo,

10. ngathi kini: “NginguJehova uNkulunkulu wenu; aniyikwesaba onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kepha kanilalelanga izwi lami.’ ”

Abahluleli 6