Abahluleli 6:34-40 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

34. Kepha uMoya kaJehova wammboza uGideyoni, wabetha icilongo, kwabuthana ama-Abiyezeri, amlandela.

35. Wathuma izithunywa kulo lonke lakwaManase, nabo babuthana, bamlandela; wathuma izithunywa ku-Asheri, nakuZebuloni, nakuNafetali, bakhuphuka ukuba babahlangabeze.

36. UGideyoni wathi kuNkulunkulu: “Uma uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile,

37. bheka, ngiyakubeka uboya obugundiweyo esibuyeni; uma kukhona amazolo eboyeni bodwa komile emhlabathini wonke, ngiyakwazi ukuthi uzakusindisa u-Israyeli ngesandla sami, njengalokho ukhulumile.”

38. Kwaba njalo, ngokuba wavuka ekuseni ngangomuso, wabucindezela uboya, wakhama amazolo eboyeni, kwagcwala isitsha amanzi.

39. UGideyoni wathi kuNkulunkulu: “Intukuthelo yakho mayingangivutheli, ngizakukhuluma kanye kuphela: Ake ngilinge kanye kuphela ngoboya; makube komile eboyeni bodwa, kube khona amazolo emhlabathini wonke.”

40. Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku, ngokuba kwakomile eboyeni bodwa, kepha emhlabathini wonke kwakukhona amazolo.

Abahluleli 6