Abahluleli 6:2-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba.

3. Kwathi nxa abakwa-Israyeli sebelimile, abakwaMidiyani benyuka nama-Amaleki nabasempumalanga, bakhuphukela kubo,

4. bamisa mayelana nabo, bachitha izithelo zomhlaba kwaze kwaba seGaza, abashiyanga kudla kwa-Israyeli, nazimvu, nazinkomo, nazimbongolo.

5. Ngokuba benyuka nezinkomo zabo namatende abo, bafika njengesikhonyane ngobuningi; babengenakubalwa bona namakamela abo; bafika ezweni ukuba baliqede.

6. Abakwa-Israyeli baphela amandla ngenxa yakwaMidiyani; base bekhala abantwana bakwa-Israyeli kuJehova.

7. Kwathi lapho abantwana bakwa-Israyeli besakhala kuJehova ngenxa yakwaMidiyani,

8. uJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakukhuphula eGibithe, ngakukhipha endlini yobugqila,

9. nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sabo bonke abanicindezelayo, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo,

10. ngathi kini: “NginguJehova uNkulunkulu wenu; aniyikwesaba onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kepha kanilalelanga izwi lami.’ ”

11. Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.

12. Ingelosi kaJehova yabonakala kuye, yathi kuye: “UJehova unawe wena qhawe elinamandla.”

13. UGideyoni wathi kuyo: “O nkosi yami, uma uJehova enathi, konke lokhu kusehlele ngani na? Ziphi izimangaliso zakhe abasitshela ngazo obaba, bathi: ‘UJehova akasikhuphulanga eGibithe na?’ Kepha manje uJehova usilahlile, wasinikela esandleni sakwaMidiyani.”

14. UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, umsindise u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani; angikuthumanga na?”

15. Wathi kuye: “O Nkosi, ngiyakumsindisa u-Israyeli ngantoni na? Bheka, umndeni wami umpofu kwaManase, mina ngingomncinyane endlini kababa.”

16. UJehova wathi kuye: “Impela ngiyakuba nawe; uyakubabulala abakwaMidiyani kungathi bangumuntu munye.”

17. Wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, unginike isibonakaliso ukuthi nguwe okhuluma nami.

18. Ake ungamuki lapha, ngize ngibuyele kuwe, ngilethe isipho sami, ngisibeke phambi kwakho.”Wayesethi: “Ngiyakuhlala uze ubuye.”

19. UGideyoni wangena, walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e-efa* lempuphu; wayibeka inyama eqomeni, wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki,* wakunikela.

20. Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye: “Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo, ukubeke edwaleni leli, uwuthulule umhluzi.” Wenze njalo.

21. Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwenyuka umlilo edwaleni, wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.

Abahluleli 6