Abahluleli 6:19-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. UGideyoni wangena, walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e-efa* lempuphu; wayibeka inyama eqomeni, wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki,* wakunikela.

20. Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye: “Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo, ukubeke edwaleni leli, uwuthulule umhluzi.” Wenze njalo.

21. Ingelosi kaJehova yase yelula isihloko sentonga esesandleni sayo, yathinta inyama namaqebelengwane angenamvubelo; kwenyuka umlilo edwaleni, wadla waqeda inyama namaqebelengwane angenamvubelo; ingelosi kaJehova yayisimuka emehlweni akhe.

22. Wayesebona uGideyoni ukuthi iyingelosi kaJehova; uGideyoni wathi: “Maye, Nkosi Nkulunkulu! Ngokuba ngibonile ingelosi kaJehova ubuso nobuso.”

23. UJehova wathi kuye: “Ukuthula makube kuwe; ungesabi, awuyikufa.”

24. UGideyoni wamakhela uJehova i-altare khona, waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.

25. Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Thatha iduna likayihlo nenye inkunzi eneminyaka eyisikhombisa, ubhidlize i-altare likaBali uyihlo analo, ugawule u-Ashera* ongakulo,

26. umakhele uJehova uNkulunkulu wakho i-altare esiqongweni sale nqaba ngokuhlelekileyo, uyithathe inkunzi yesibili, unikele ngomnikelo wokushiswa ngezinkuni zika-Ashera* ozakumgawula.”

27. UGideyoni wayesethatha amadoda ayishumi ezincekwini zakhe, wenza njengalokho uJehova ekhulumile kuye; kwathi lokhu ebesaba abendlu kayise nabantu bomuzi ukuba angakwenzi emini, wakwenza ebusuku.

28. Lapho abantu bomuzi bevuka ekuseni kakhulu, bheka, i-altare likaBali lase libhidliziwe, no-Ashera* owayengakulo wayegawuliwe, nenkunzi yesibili yayinikelwe phezu kwe-altare elalakhiwe.

29. Bakhuluma omunye komunye, bathi: “Kwenziwe ngubani lokhu na?”Lapho becinga bebuza, bathi: “NguGideyoni indodana kaJowashi owenze lokhu.”

30. Base bethi abantu bomuzi kuJowashi: “Khipha indodana yakho ukuba ife, ngokuba ilibhidlizile i-altare likaBali nangokuba imgawulile u-Ashera* owayengakulo.”

Abahluleli 6