9. Inhliziyo yami ikubabusibakwa-Israyeliabazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;bongani uJehova.
10. “Nina enigibela izimbongoloezimhlophe,nina enihlezi emacansini,nani enihamba ngendlela, kulandeni.
11. Ekwahlukaniseni impango phakathikwemiqengqe yamanzibalanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.
12. “ ‘Vuka, vuka, Debora!Vuka, vuka, uhube ihubo!Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,wena ndodana ka-Abinohama!’
13. “Khona wayenza insali ukuba ibuseabakhulu;abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.
14. Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.KwaMakiri kwavela ababusi,kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.
15. Izikhulu zakwa-Isakare zazinayeuDebora;njengo-Isakare, kanjalo noBaraki;behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
16. Wahlalelani ezibayeni zezimvuukuzwa ikhwelo lemihlambi na?Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.
17. UGileyadi wahlala phesheyakweJordani;uDani walibalelani emikhunjini na?U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle,wasala ngasemathekwini akhe.
18. UZebuloni wayengabantu abazidelakwaze kwaba sekufeni,uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.
19. “Amakhosi afika alwa,alwa amakhosi aseKhananieThahanaki ngasemanzini aseMegido;awathathanga nzuzo yamali.
20. Kwaliwa ezulwini;izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.