Abahluleli 5:8-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Bakhetha onkulunkulu abasha;lapho kwafika impi emasangweni;kwabonwa isihlangu noma umkhonto yiniphakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

9. Inhliziyo yami ikubabusibakwa-Israyeliabazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;bongani uJehova.

10. “Nina enigibela izimbongoloezimhlophe,nina enihlezi emacansini,nani enihamba ngendlela, kulandeni.

11. Ekwahlukaniseni impango phakathikwemiqengqe yamanzibalanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

12. “ ‘Vuka, vuka, Debora!Vuka, vuka, uhube ihubo!Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,wena ndodana ka-Abinohama!’

13. “Khona wayenza insali ukuba ibuseabakhulu;abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.

14. Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.KwaMakiri kwavela ababusi,kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.

15. Izikhulu zakwa-Isakare zazinayeuDebora;njengo-Isakare, kanjalo noBaraki;behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

16. Wahlalelani ezibayeni zezimvuukuzwa ikhwelo lemihlambi na?Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

17. UGileyadi wahlala phesheyakweJordani;uDani walibalelani emikhunjini na?U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle,wasala ngasemathekwini akhe.

18. UZebuloni wayengabantu abazidelakwaze kwaba sekufeni,uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.

19. “Amakhosi afika alwa,alwa amakhosi aseKhananieThahanaki ngasemanzini aseMegido;awathathanga nzuzo yamali.

Abahluleli 5