4. “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomiumhlaba wazamazama, namazulu aconsa,yebo, amafu aconsa amanzi.
5. Izintaba zathuthumela ebuswenibukaJehova,yebo, nalo iSinayi lelo,ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.
6. “Ezinsukwini zikaShamgari indodanaka-Anati,ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.
7. Abaholi baphela kwa-Israyeli,banqamuka,ngaze ngavuka mina Debora,ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.
8. Bakhetha onkulunkulu abasha;lapho kwafika impi emasangweni;kwabonwa isihlangu noma umkhonto yiniphakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?
9. Inhliziyo yami ikubabusibakwa-Israyeliabazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;bongani uJehova.