Abahluleli 5:2-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. “Ngokuba abaholi beholilekwa-Israyeli,ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo,bongani uJehova.

3. “Yizwani nina makhosi;bekani indlebe nina zikhulu;mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova,ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

4. “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomiumhlaba wazamazama, namazulu aconsa,yebo, amafu aconsa amanzi.

5. Izintaba zathuthumela ebuswenibukaJehova,yebo, nalo iSinayi lelo,ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

6. “Ezinsukwini zikaShamgari indodanaka-Anati,ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.

7. Abaholi baphela kwa-Israyeli,banqamuka,ngaze ngavuka mina Debora,ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.

Abahluleli 5