Abahluleli 5:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ekwahlukaniseni impango phakathikwemiqengqe yamanzibalanda khona izenzo ezilungileyo zikaJehova,ukulunga kokubusa kwakhe kwa-Israyeli;khona abantu bakaJehova behlela emasangweni.

12. “ ‘Vuka, vuka, Debora!Vuka, vuka, uhube ihubo!Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho,wena ndodana ka-Abinohama!’

13. “Khona wayenza insali ukuba ibuseabakhulu;abantu bakaJehova bangibeka ukuba ngibuse iziqhwaga.

14. Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki;emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho.KwaMakiri kwavela ababusi,kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi.

15. Izikhulu zakwa-Isakare zazinayeuDebora;njengo-Isakare, kanjalo noBaraki;behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe.Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

16. Wahlalelani ezibayeni zezimvuukuzwa ikhwelo lemihlambi na?Ngaseminonjaneni yakwaRubenikwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

Abahluleli 5