Abahluleli 5:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Base behlabelela oDebora noBaraki indodana ka-Abinohama ngalolo suku, bethi:

2. “Ngokuba abaholi beholilekwa-Israyeli,ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo,bongani uJehova.

3. “Yizwani nina makhosi;bekani indlebe nina zikhulu;mina, yebo, mina ngiyakuhlabelela kuJehova,ngihubele kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

4. “Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri,ekusukeni kwakho ezweni lakwa-Edomiumhlaba wazamazama, namazulu aconsa,yebo, amafu aconsa amanzi.

5. Izintaba zathuthumela ebuswenibukaJehova,yebo, nalo iSinayi lelo,ebusweni bukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

6. “Ezinsukwini zikaShamgari indodanaka-Anati,ezinsukwini zikaJayeli imendo yayishiyiwe;ababeyakuhamba ngemendo bahamba ngemikhondo.

7. Abaholi baphela kwa-Israyeli,banqamuka,ngaze ngavuka mina Debora,ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.

8. Bakhetha onkulunkulu abasha;lapho kwafika impi emasangweni;kwabonwa isihlangu noma umkhonto yiniphakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

9. Inhliziyo yami ikubabusibakwa-Israyeliabazinikelayo ngenhliziyo phakathi kwabantu;bongani uJehova.

Abahluleli 5