Abahluleli 3:21-28 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. U-Ehudi wayeselula isandla sakhe sokhohlo, wabamba inkemba ethangeni lakhe lokunene, wamgwaza esiswini sakhe;

22. kwangena nesibambo emva kwenkemba, amanoni azungeza inkemba, ngokuba akayikhiphanga inkemba esiswini sakhe; yaphumela emuva.

23. U-Ehudi wayesephumela ekamelweni eliphambili, wazivalela iminyango yekamelo eliphezulu, wayihluthulela.

24. Nxa esephumile yena, kwafika izinceku zakhe; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: “Mhlawumbe uyembesa ezinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.”

25. Zalinda zaze zajabha; bheka, akayivulanga iminyango yekamelo eliphezulu; ngalokho zathatha ukhiye, zayivula; bheka, inkosi yazo yayiwele phansi ifile.

26. U-Ehudi waphunyuka zisalinda, wadlula endaweni yezithombe ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri.

27. Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.

28. Wathi kubo: “Ngilandeleni, ngokuba uJehova unikele izitha zenu abakwaMowabi esandleni senu!” Behla emva kwakhe, bavimba amazibuko aseJordani ababewela ngawo abakwaMowabi, abavumanga ukuba kuwele muntu.

Abahluleli 3