Abahluleli 3:12-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova.

13. Wazibuthela abantwana bakwa-Amoni nabakwa-Amaleki, waya wachitha u-Israyeli, badla umuzi wamasundu.

14. Abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni inkosi yakwaMowabi iminyaka eyishumi nesishiyagalombili.

15. Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.

16. U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombili, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene.

17. Wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi isipho, kepha u-Egiloni wayengumuntu okhulupheleyo kakhulu.

18. Kwathi eseqedile ukumnika isipho, wamukisa abantu ababesithwele isipho.

Abahluleli 3