1. Lezi ziyizizwe aziyekile uJehova ukuze amvivinye ngazo u-Israyeli, bonke abakwa-Israyeli ababengazi mpi eKhanani,
2. kuphela ukuba izizukulwane zabantwana bakwa-Israyeli zazi, zifundiswe impi, ikakhulu labo ababengayazi ngaphambili.
3. Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati.
4. Zazingezokuba u-Israyeli avivinywe ngazo, kwazeke uma beyakulalela imiyalo kaJehova abayala ngayo oyise ngesandla sikaMose.
5. Abantwana bakwa-Israyeli bahlala phakathi kwamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,
6. bathatha amadodakazi awo aba ngomkabo, banika amadodana awo amadodakazi abo, bakhonza onkulunkulu bawo.
7. Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.
8. Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.
9. Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova; uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabasindisa, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi.
10. UMoya kaJehova wayephezu kwakhe, wahlulela u-Israyeli, waphuma impi, uJehova wanikela uKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi esandleni sakhe; isandla sakhe samahlula uKushani Rishatayimi.