Abahluleli 21:9-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Sebebalwa abantu; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.

10. Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu, yabayala yathi: “Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.

11. Yilokhu eniyakukwenza: Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.”

12. Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo; baziyisa ekamu* eShilo elisezweni laseKhanani.

13. Yonke inhlangano yathuma yakhuluma kubantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni lakwaRimoni, yamemezela ukuthula kubo.

14. UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.

15. Abantu bamhawukela uBenjamini, ngokuba uJehova wayenze ukwahlukana ezizweni zakwa-Israyeli.

16. Amalunga enhlangano ayesethi: “Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu abesifazane bechithiwe kwaBenjamini, na?”

17. Athi: “Nga liba khona ifa labaphunyukileyo bakwaBenjamini, ukuze kungesulwa sizwe kwa-Israyeli.

18. Kepha asinakubanika nokho amadodakazi ethu abe ngomkabo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babefungile bethi: ‘Makaqalekiswe onika owakwaBenjamini umfazi.’ ”

19. Athi: “Bheka, kukhona umkhosi kaJehova iminyaka ngeminyaka eShilo elingasenyakatho kwaseBethele ngasempumalanga komendo okhuphuka eBethele uya eShekemi nangaseningizimu kwaseLebona.”

20. Abayala abantwana bakwaBenjamini, athi: “Hambani niqamekele ezivinini,

21. nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.

22. Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi, sithi kubo: ‘Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.’ ”

23. Abantwana bakwaBenjamini benze njalo, bazithathela abafazi njengenani labo kwabasinayo, ababaqhwagayo; bahamba, babuyela efeni labo, bakha imizi, bahlala kuyo.

24. Abantwana bakwa-Israyeli bamuka khona ngaleso sikhathi, yilowo nalowo waya esizweni sakhe nasemndenini wakhe, baphuma lapho, yilowo nalowo waya efeni lakhe.

25. Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.

Abahluleli 21